Ezomndeni

Follow Ezomndeni
Share on
Copy link to clipboard

Uhlelo oluyimizulu eyishlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family

Focus on the Family Africa


    • Feb 27, 2023 LATEST EPISODE
    • infrequent NEW EPISODES
    • 5m AVG DURATION
    • 795 EPISODES


    Search for episodes from Ezomndeni with a specific topic:

    Latest episodes from Ezomndeni

    Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

    Play Episode Listen Later Feb 27, 2023 5:22


    Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?

    Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

    Play Episode Listen Later Feb 26, 2023 5:15


    Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?

    Ukuqonda i-sexting yentsha

    Play Episode Listen Later Feb 23, 2023 5:37


    Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?

    Onomgudu wokuzitshela

    Play Episode Listen Later Feb 22, 2023 4:58


    Sewake wezwa ngomuntu okuthiwa uyazitshela? Leligama livamisa ukusetshenziswa kumuntu ozibona emqoka nozazi yena. Akulula ukushadana nomuntu onalemigudu, nokho leligama lokuzitshela kuyenzeka lisetshenziswe ngendlela okungeyona. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizomchaza kangcono lomuntu.

    Owesifazane wayengenziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu oziveza engowesilisa

    Play Episode Listen Later Feb 21, 2023 5:44


    Kuningi ukuqophisana ngobulili nokulingana kulezinsuku, okubiza ukuba AmaKhrestu amelwe ukubambelela ezinkolelweni zawo zebhayibheli ukuze amelane nokujivazwa ngokwe-media nabalwela inkululeko ewuvuma zonke.Kodwa ibhayibheli likhuluma ngowesifazane akhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, lokho okungaletha ukudideka okuningi ngoba uNkulunkulu ubizwa ngoBaba, okusihlawumbisela ukuthi uyiNdoda. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizoletha amasu aphusile ngalesihloko esiyindidabuchopho, hlala nathi .

    Ungavikela kanjani ukunga spoil ingane yakho

    Play Episode Listen Later Feb 20, 2023 4:24


    Kubazali ukuba bavimbe uku-spoiler izingane zabo, kudinga ukuqaphela ekufundiseni izinto ezisemqoka nokuthi bangabanakekela kanjani abanye abantu. Iningi intsha ekhula yazi ukuthi yilungelo layo yonke into nokuba nokulunga okungenayo impilo.Okuba lula ukuzama ukudlulisa I blame komunye ,kodwa uma sethembekile, kungumsebenzi womzali, ukufaka izinkambiso eziyohamba nengane kuze kube sebudaleni. Sizoletha amava okuthi lokho kubukeka kanjani, khona la ohlelweni Ezomndeni, hlala nathi.

    Ukwenza izikhathi zokudla zomndeni ezithokozelekayo

    Play Episode Listen Later Feb 19, 2023 4:31


    Njengowesilisa nicabanga ukuthi kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni ngoba nakhu njalo ngiye ngixolele imvamisa futhi ngithokozele izinto zabesifazane ? Yilokhu ngaba njena ngisengumfana omncane ,anginaso isiqiniseko ngithini ngalokhu.

    Ukukhulisa ukuzethemba ezinganeni

    Play Episode Listen Later Feb 16, 2023 4:23


    Yiziphi ezinye izinto engingazenza ukudala ukuzethemba ezinganeni zami ? Angifuni zikhule zicabanga ukuthi umhlaba umi ngazo ,kodwa futhi ngifuna ukuzifaka umqondo wokuzihlonipha kunye nezinkambiso zabo ezinhle njengabantu.Ngingakwenza kanjani lokho?

    Ingane okubukeka ilala kweqe

    Play Episode Listen Later Feb 15, 2023 4:30


    Ngakube ngikhathazeke ngengane yami eno 6 weminyaka elala kakhulu ?Ayifuni ukuvuka ekuseni ,phezu kokuba ilala early bese ilale ubusuku bonke? Kuyinto ejwayelekile lokhu ? Kukhona enikuphakamisayo?

    Ingane Esekuthomeni Enamahloni Nobunyube

    Play Episode Listen Later Feb 14, 2023 5:28


    Ngenze njani uma ngisabela ukuthi sengathi undodana wami uzibeka eceleni kwabanye kweqe?Kade esesemncane sasithi yisigaba nje ,nokuthi uma esekhula uzosondela kontangayakhe.Kuze kube yimanje lokho akuzange kwenzeke.Akabukeki efuna ukuxhumana noma yimuphi umngani osemnyakeni yakhe ngisho nabantu abadala uqhelile kubona .Isikhathi esiningi uyedwa ,azihlalele ne TV kumbe ama video game .Yini le esibhekene nayo ,futhi siqondane kanjani nayo?

    tv yini
    Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Ne-responsibility

    Play Episode Listen Later Feb 13, 2023 5:45


    Ukungena ekubeni ngumzali ngokouqala kungakwenza ukhathazeke, ngisho nokwesaba imbala. Kodwa loluhambo oluhle lokuletha isizukulwane sakho akumele neze kukwenze ungalali yimicabango, uxukuza ingqondo ngokokuthi uzobhekana kanjani nalomsebenzi omusha.Sizokhuluma ngalokhu ngokuthe xaxa la ohlelweni Ezomndeni.

    Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

    Play Episode Listen Later Feb 12, 2023 4:36


    Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?

    Ubaba Ongaziphethe Kahle KuMalokazana Nakwabanye Besifazane

    Play Episode Listen Later Feb 9, 2023 5:19


    Ngibhekane kanjani nokungaziphathi kahle kukababa kumakoti wami nabanye besifazane abasebasha?Sengidlulisile ukukhathazeka kwami kuyena ,kodwa uvese athi yindlela lena ayiyona futhi akukho kuguquka azokwenza yena.Nginqume ukuthi kuzoba kuhle ukuba singabe sisaba ndawonye naye kusukela manje,kodwa lokho kukhuba uMawam ngoba usathokozela ukusibona .Umakoti wami uthi ukulungele ukuzinikela abekezelele lempatho kababa,kodwa mina angithandi azidele.Ngingamvikela kanjani ,ngokungaphazamisi ubudlelwane kumalunga omndeni amsulwa?

    Ubaba Owadivosa Ingane Ayimthandi Umamncane

    Play Episode Listen Later Feb 8, 2023 5:33


    Ngingenza kanjani enganeni yami ukuba engabi nyamana mbana uMamncane wayo omusha? Ngingubaba womfana omuhle kabi ono 6.UMawakhe wangidivosa lomfana wami eneminyaka eko 3 ,emva kwalokho wahamba wayoshada nenye indoda.Okwamanje nguye onelungelo elikhulu lengane, elami elokuyivakashela.Undodana akafuni ngibe ngowakhe nabanye abantu,futhi lokhu sekudale inkinga enkulu kimina ngempilo yokuphila nabanye abantu.Kwaze kwabiza ngimise indlela eyabe isingiyisa ekushadeni nomunye wesifazane ngoba yayingamthandi kanti mina ngase ngimthanda impela.Manje usekhona omunye wesifazane engizizwa nginothando lwakhe ,manje angazi ngenze njani .Ninganginika iziluleko?

    manje
    Izimo Zengcindezi Yokukhathazeka

    Play Episode Listen Later Feb 7, 2023 6:04


    Ngingumkhathazeki ,futhi lenkinga iyadlanga.Sengike ngezwa abantu bekhuluma ngoguquguquko lokukhathazeka oluzishintsha imibala,kodwa angazi lokho kuchazani.Ngingabona kanjani ukuthi ukukhathazeka kwami kungokujwayelekile ? Nokuthi ngenzenjani?

    Izeluleko Kuma-Teenager Noku Nokuxoxa Online

    Play Episode Listen Later Feb 6, 2023 5:37


    Uthini umbono wenu nge –teenager ezibandakanye ne –social network kunye ne –online chat rooms?Sengike ngafunda izinkulumo zamanye ama teen kuma –sites indodakazi yami efuna ukungena kuwona ,futhi abukeka engenabungozi .Nokho nginokusabela ukulahlekelwa ngukulawula ingane yami ,igcine iphethwe ngontaka bayo.Ngakube kumele ngikhathazeke?

    Umphumela Namacahaphazelo Esahlukaniso Ezinganeni

    Play Episode Listen Later Feb 5, 2023 6:29


    Ngakube ukudivosa kwami kuyoba namachaphazelo ayohlala isikhathi eside ezinganeni zami? Umshado wethu usube ngonzima kakhulu ,mumva nje sengixoxe nommeli wezahlukaniso ze ngicabange engingakwenza.Izingane zami zisencane ziphakathi kuka 8 no 14 weminyaka –kwesinye isikhathi ngiye ngibe nengcindezi enkulu ukucabanga ukuthi isehlukaniso sizozichaphazela kanjani.Kwesinye isikhathi ngizithole nginesibindi sokuthi izingane ziyakwazi ukuthula zimukele isimo sinjengoba sinjalo ngisho kungathiwa si –negative kanjani.Ningangisiza ukusombulula lomcabango engqondweni yami? Ngakube ngimelwe ukukhathazeka noma cha?

    Ukumisa Utakalani Ekushayeni

    Play Episode Listen Later Feb 2, 2023 5:14


    Ngingamisa kanjani undodakazi wami ona 2 weminyaka ukushaya umfowabo onezinyanga ezingu 10? Uyamkhahlela ,amshaye ,amlume ,amklabalasele amjikijele nangamathoyisi .Kwaqala ngesikhathi eqala ukukhasa.Loluhlobo lwesenzo lwenzeka nsukuzonke ,kaningi ngosuku.Sesenze okuningi ukumisa lokhu kuziphatha ,nokho okwamanje akukho okubukeka kusebenza ,ninazo izeluleko kumbe enikuphakamisayo?

    Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

    Play Episode Listen Later Feb 1, 2023 6:41


    Ngakube kunempilo yini ukuba omama bahole indlela ekwenzeni uthando emshadweni ?Mina nomnyeni wami siyaluthokozela kakhulu uthando lwethu nenkonzo nokho kunento eyodwa engihlale ngikhathazeke ngayo: Kunezikhathi lakhona ngilangazelela ukuzizwa ngisondele kowakwami,kodwa ngibe nongabazane ukuthi kuhle yini kimi ukuba ngiqale uhambo .Impela ngiye ngizitshele ukuthi okwendoda ukuqala uhambo.Kuthini ukucabanga kwenu?

    Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

    Play Episode Listen Later Jan 31, 2023 5:57


    Ngakube kuhle yini ukucela intokazi engizoshada nayo ukuba ihlolelwe inzalo phambi kokuba sishade? Anguqondi umoya osukhona esikhathini sanamhlanje osuwumkhuba wokuthanda ukungabi nabantwana, hle hle mina kade ngaqala ukulangazelela ukuba nabantwana ngisho ngingakahleli umshado.

    Ingane enekhanda eliqinile iveza umoya wokukulumana

    Play Episode Listen Later Jan 30, 2023 4:48


    Wenze njani ngengane ehlasela abanye abantu ngamazinyo ayo? Ingane yethu esencane ekhombisa ukuba nenkani seyikhombise lomoya izinyangana ezimbalwa.Siwumisa kanjani lomkhuba kuyona?

    Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

    Play Episode Listen Later Jan 29, 2023 4:34


    Ngenze njani ngengane esikhulile ephatha kabi umkhwenyana wayo? Indodakazi yethu igane indoda enomoya omuhle kabi .Kodwa indodakazi yethu iyehluleka ukubonga lobubuhle ,imphatha kabi umkhwenyana ayimhloniphi .Kungiphatha kabi ukuyibona iqhubeka ikwenza konke lokhu phambi kwethu,izingane nabangani .Mina ngifuna ukukhuluma nendodakazi yethu kodwa ubaba wakwami yena ubona sengathi ngizobe sengeqa umngcele.Wonke umndeni wakwethu unolwazi futhi uphatheke kabi ngalesisenzo sikandodakazi .Yikuphi okumele ngikwenze?

    wayo
    Ogogo nomkhulu bakhathazeke ngesimo sezempilo ekhaya labazukulu

    Play Episode Listen Later Jan 26, 2023 4:42


    Ngakube kusesigabeni sami yini ukungenelela uma ngibona ukuthi isimo sempilo asiphephile asinampilo emzini womtanami kubazukulu? Ngiyamthanda undodana wami nomakoti kodwa ngibona sengathi ikhaya labo alinampilo enhle kumzukulu wami oyintombazane onezinyanga ezingu 10.Phansi endlini kungcolile kunolwelwezi olubi lokudla okwasalela ku khaphethe namanabukeni uwafica ebekwe yonke indawo.Ukuvimbela lendodakazi yabo ,bayigcina isemotweni yayo zikhathi zonke ze ingathinti lokhu kungcola –nanxa isikhule ngokwanele ukuqala ukukhasa .Ngakube ngingabazisa ukukhathazeka kwami ngesimo senhlanzeko eyingozi kwezempilo ? Uma kunjalo ngingasiza kanjani ukuguqula lesisimo?

    uma ogogo
    Ukuziphatha kabi ngocansi nokusondela ngokwenyama phambi komshado

    Play Episode Listen Later Jan 25, 2023 5:14


    Uma sekuziwa ekusondalaneni ngokomzimba phambi komshado ,yikuphi la okungamele ngifike khona? Mina nesithembisana naye sithwele kanzima kulengxenye futhi asazi siwudwebe kuphi umugqa.Ningasiza ukucacisa ukuti lisuke liqonde ukuthini ibhayibheli ‘ngokungaziphathi kahle ngokocansi?

    Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne - quantity time

    Play Episode Listen Later Jan 24, 2023 4:56


    Ngakube isikhathi esihle [quality time] engisisebenzisa nomndeni wami yiso esimqoka kunesiningi [quantity time] ?

    quality time quantity time
    Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

    Play Episode Listen Later Jan 23, 2023 4:42


    Ngakube mina nomnyeni wami siyisize yini indodana yethu esikhulile ikwazi ukubhekana nezinkinga zayo zezimali? Lokhu sekube ngumdonsiswano omkhulu emshadweni wethu.Isizimele kodwa iyehluleka .Uma ngithi mina asiyisize ngosizo oluncane lwezimali ,uyise uthi cha aisyiyeke imelwe ukufunda ubunzima bempilo .Mina ngikhathazekile ngayo.Nicabanga senzenjani?

    Umehluko ongukhiye phakathi kowesilisa nowesifazane

    Play Episode Listen Later Jan 22, 2023 5:49


    Ngaphandle kwengaphandle elibonakalayo ,yini ingempela umehluko oqavile phakathi kowesilisa nowesifazane? Sengibe nokudideka okukhulu ngemiyalezo eshiwoyo ngobulili nangendlela okubizwa khona.Ngikholwa ngukuthi ukhona umehluko ebulilini bobubili odinga ukuchunyiswa ngendlela.Ngakolunye uhlangothi ngiye ngiphelelwe ngamagama uma abangani bami bethi angiwuchaze phela.Ningangisiza?

    Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Part 2 of 2)

    Play Episode Listen Later Jan 19, 2023 5:10


    Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.

    Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Part 1 of 2)

    Play Episode Listen Later Jan 18, 2023 5:13


    Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni.Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family

    Imithetho yokuziphatha ngendlela komndeni oxubile

    Play Episode Listen Later Jan 17, 2023 5:05


    Sinquma kanjani ukuthi abantu babizwe ngamaphi amagama emndenini wethu omusha oxubile? Umshado wesibili lo kimi nakumnyeni wami ,sobabili sinezingane ezino 3 weminyaka esashada .Lezingane sezizikuleyominyaka.Sezino 6 manje enye ino 7 .Mumva nje indodakazi yakhe isiqale ukungibuza ngo Mah.Ekuzweni kwalowo wesifazane owayagane lomnyeni wami kumphathe kabi lokho.Nathi samchazela, sethuke njengaye,njengokuba lomndeni usemusha kade lengane nayo ixakekile ithini.Lo wesiafazane owayegane umnyeni wami ufuna lengane ingibiza ngoMasibanibani ,manje kodwa angazi lokho noma kimi kuzokwehla kahle yini.Yikuphi okumele sikwenze?

    Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

    Play Episode Listen Later Jan 16, 2023 5:18


    Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni ? Nasi isizathu sokubuza kwami .Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo ,nokho ngisenovalo ,ukuthi ndlelana thizeni ,ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni .Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi .Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe ukuphendula umthandazo onjalo na? Akungakho ukuthi lendoda ibicela imoto entsha noma isudukesi eligcwele imali .Ibifuna ukugcineka imsulwa ! Ngingamethemba uNkulunkulu ekuphenduleni umthandazo wami ekungangenini ekulingweni noma qha?

    Isithembu nokuthandwa ngabaningi - indlela yokubuka yezwi

    Play Episode Listen Later Jan 15, 2023 5:09


    Kungani ngingamukeleki ukuba nomndeni ozisekelo zayo yizwi uma kuwukuthi ngithandana nabaniningi besifazane ? Amadoda anqala ezwini –oAbraham Jakobe,Davide noSolomon –babenamakhosikazi amaningi .Ngokubuka iministry yenu egxilile ezwini ,angiboni lutho olwenza nimelane nezinto ezinjengesithembu nezingodosi .Ngizibona nginguMkhrestu othanda ukuba nezingodosi .Ngithanda abesifazane abathe xaxa ngesibalo impela ,akukho sizathu esingenza singakwazi ukwakha isisekelo esihle nesiqatha nesinakekela konke okuqondene nomndeni.Uguquko lwaba nini lakhona izifungo zifaka indoda eyodwa nowesifazane oyedwa?

    Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

    Play Episode Listen Later Jan 12, 2023 4:51


    Ngingalivumela itshitshi lami ligqoke ibhulukwe? Ngakhuliswa ekhaya labazalwane abanomthetho lakhona kwakaugcizelelwa ukugqoka ngesizotha kwamantombazane. Ukusho ngqo ,uMawami wangenza ngiqonde ukuthi amantombazane akumele agqoke ibhulukwe ,” owesifazane makangagqoki okwendoda ,nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane ,ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho” [Dut 22:5] .Kulezinsuku abesifazane sebegqoke amabhulukwe –hhayi nje ekhaya kuphela kodwa nase zinkonzweni .Lokho kuyangidabukisa futhi kuyangidida .Ngiyifundise kanjani intombazane yami ukugqoka kahle emphakathini onjalo na?

    Ukuxoxa nomuntu omusha ngokuzibulala komngani wakhe kumbe amjwayele

    Play Episode Listen Later Jan 11, 2023 5:44


    ‘Ngixoxe kanjani nomfana wami osemusha ,mayelana nomngani wakhe osanda kuzibulala ? Lowomfana bebengaphezu kokujwayelwana naye ,manje ngiyazi lesisenzo siwuphulile umoya womfana wami ngokujulile.Ningangisiza ukungicija ukubeka kahle lesihloko kuye ?'

    Ukululama Enhliziyweni Emva Kwesimo Esibuhlungu

    Play Episode Listen Later Jan 10, 2023 5:13


    Ngingathola kanjani ukululama ekuhlasimuleni komzimba nosizi ? Inyanga yonke edlule ngakithi sibhekane nezikhukhula ezibuhlungu.Thina nje silahlekelwe yikhaya ,ukuphazamiseka kwesikole nomsebenzi okuchaza ukuma kweholo ,ukusambatheka ngekusasa.Manje njengokuba lokho sekwedlule ,sisagotshiswe amadlangala kwenye indawo ,siyimindeni,sengiqale ukubona ukuthi sisazophila nobuhlungu balesikhukhula eside isikhathi lesi .Ningangisiza ukudondolozela kulomqansa?

    manje
    Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

    Play Episode Listen Later Jan 9, 2023 5:29


    Kungani kumele ngiye e University ? Indlela mina engibuka ngayo ,amakolishi awabumbi isizukulwane esilandelayo ukuba sibe abadala abanokhiqhizo nobuholi,lokho okungasizi mfundi ukufinyelela ezimpokophelweni zakhe .Kungani uzicwilise ezikweletini ngenxa nje yokuthi kunomuntu olindele ube neziqu ? Kungani uchithe iminyaka yakho emide usebenzela ucwezu lwephepha nje ologcina lukubeka ezingeni lokuhola okufanayo nongenalo? Kimi akwakhi mqondo?

    Umkhwenyana ozibuza ngakube abambe iqhaza lokuba ngumama

    Play Episode Listen Later Jan 8, 2023 4:50


    Kukhona oku-wrong ngobaba abahlala ekhaya? Njengamanje angisebenzi kanti nonkosikazi wami uhola kahle ,lokho okwenza ngibone kungcono nginakekele ikhaya nabantwana .Ngisaqala kwakubukeka kungumqondo omuhle kodwa manje senginongabazane.

    OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

    Play Episode Listen Later Jan 5, 2023 4:51


    Ngakube thina njengoGogo ,simelwe yini ukuthatha isikhala sobuzali kubazukulu ? Undodana wami nomakoti bayasebenza futhi bahlale bematasa ngokwevile.Ngiye ngizithole nekhehla lami sesithatha iqhaza lobuzali esikhundleni sabo ukuze bone babhekane nobutasa bemisebenzi yabo.Siyakujabulela ukuba nabazukulu futhi sibe lusizo ngalendlela .Kodwa kwesinye isikhathi ngiba nomuzwa wongabazane .Nicabanga ukuthi lokhu kuluhlelo oluhle?

    omama ogogo
    Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

    Play Episode Listen Later Jan 4, 2023 5:02


    Yini engingayenza ukwenza indodana yami ithobele okushiwoyo yenze ngokulalela? Indodana yethu encane inenkani ,ulibeka nayo ilibeke.Ayiwenzi umsebenzi wayo wesikole futhi ayifuni noku cleaner ekamerweni layo.Uma sizama ukuxoxa nayo ngaloludaba ngomoya ophansi siphetha sesiphakamisa amaphimbo .Yini esingayenzi kahle ?

    uma yini
    Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

    Play Episode Listen Later Jan 3, 2023 4:54


    Ngenze njani ngobaba wengane ebengihlala naye ongikhohlisile ? Sesihlale ndawonye iminyaka emininganyana ,manje ngisanda kuthola ukuthi ubexoxa ngemiqhafazo ezothando nomunye umngani wami .Uma ngimqonda ngqo ,uthe kube yimi imbangela .Emva kwalokho wangilaxaza nengane yethu ,wayozihlalela noyise kubo .Lokho sengingathekisa ukuthi kungifaka ekubeni ngumzali oyedwana.Ngizizwa ngishiwe esiqhingini ngilimele.Ngenze njani ?

    Ubizo luqhathaniswa nokuzinikela emndenini

    Play Episode Listen Later Jan 2, 2023 4:38


    Njengomlandeli kaKhrestu kumele ukuthembeka okukhulu kwami kube kuphi? Nebala siyazi ukuthi uKhrestu umelwe ukuba luthando lwethu lokuqala, nokho abazalwane abasemsebenzini weNkosi baye babe nokuqophisana nokudonseka kulezizinto ngokumele kube seqhulwini.Ngakube umndeni noma ibandla kuqala, kumbe ibandla kuqala?

    Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

    Play Episode Listen Later Jan 1, 2023 4:47


    Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona aMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo. Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo ,futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku. Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente elisha linokuningi elikusho ngokunikela, bese lize liphonsele inselelo labo abangavumelani nokweshumi ngokokufuna ukuma kwabo kwimiyalelo yeThestamente Elisha.

    UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni (Part 2 of 2)

    Play Episode Listen Later Dec 29, 2022 4:43


    Ningangihola ekutheni ngintweza kanjani emcabangweni wokuqhelelana emshadweni? Umshado wami kade waqala ukuhlaselwa wukuhuzuka .Okugcine ngokuba sifike esiphethweni sokuthi –simelwe ukuqhelelana okwesikhasahana –okuyinto ebuhlungu leyo .Ngeqiniso angazi ngempela noma lomshado wethu uzosinda, kodwa ngenxa yezingane zethu nokuphumula kwengqondo, simelwe ukungena kulesinqumo . Sitshele bani? Sobabili singaxhumana ndlelani ngesikhathi sisahlukene?Ezezimali nokunye sibhekana kanjani nakho ? Yiziphi ezinye izimo esidinga ukuzicabanga?

    UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni (Part 1 of 2)

    Play Episode Listen Later Dec 28, 2022 4:51


    Ningangihola ekutheni ngintweza kanjani emcabangweni wokuqhelelana emshadweni? Umshado wami kade waqala ukuhlaselwa wukuhuzuka .Okugcine ngokuba sifike esiphethweni sokuthi –simelwe ukuqhelelana okwesikhasahana –okuyinto ebuhlungu leyo .Ngeqiniso angazi ngempela noma lomshado wethu uzosinda, kodwa ngenxa yezingane zethu nokuphumula kwengqondo, simelwe ukungena kulesinqumo . Sitshele bani? Sobabili singaxhumana ndlelani ngesikhathi sisahlukene?Ezezimali nokunye sibhekana kanjani nakho ? Yiziphi ezinye izimo esidinga ukuzicabanga?

    Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese (Part 2 of 2)

    Play Episode Listen Later Dec 27, 2022 4:50


    Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?

    Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese (Part 1 of 2)

    Play Episode Listen Later Dec 26, 2022 6:13


    Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula -mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?

    Ukuhlola Izifo Zocansi Kongathembekile Emshadweni

    Play Episode Listen Later Dec 25, 2022 5:38


    Ngakube uwakwakho oseke waphinga ahlolelwe izifo ezithathelana ngocansi ? Umkhwenyana wami phambilini ,ukunqamulile ukuphinga kwakhe ,kumanje sisemsebenzini wokubuyisana .Sisagxoba amalahle njengamanje ,futhi kangifuni ukwenza sengathi ngide ngimhilela ngezinto okungathi angimthethelele.Khona manjalo futhi angikholwa ukuthi okungikhathazayo kuyinto yokuzitshwa .Ngenzenjani?

    Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

    Play Episode Listen Later Dec 22, 2022 5:03


    Yikuphi esidinga ukukwenza ukulungiselela ukuhamba kwengane yethu engumagcina? Ekupheleni kwalonyaka uyasishiya useyoqala izifundo eziphakeme zakhe ,bese thina sisale sodwa layikhaya .Sengike ngezwa ukuthi abashadikazi abasezingeni lethu babhekana nengcindezi futhi bagcine abanye sebehlukanisa.Singazilungisela kanjani loluguquko futhi sigweme nezikhisi esingaphonseka kuzo?

    Abazali abakhathazekile ngentombazane ekhonze imidlalo yabafana

    Play Episode Listen Later Dec 21, 2022 5:15


    Ngakube kumele ngikhathazeke ukuthi indodakazi hleze ayizazi ubulili bayo ngoba ithanda ukugqoka njengomfana ,ikhonze nokudlala ibhola noyise ? Emva kokubuka uhlelo lukamabonakude ngalesihloko ,kungenze ngazibuza kunokwenzeka yini kukhona okunye okungale kulokhuthanda izinto zabafana kwayo .Nicabanga idinga ululeko?

    Umkhwenyana olulama okikanetelweni lwe-Porn ,akasemashushu ngenkonzo

    Play Episode Listen Later Dec 20, 2022 5:06


    Kuyinjwayelo yini ukuba umkhwenyana okade ezicwilise ezithombeni zobunqunu ,qede angabe esaba nolangazelelo oluseduze emshadweni? Mina nomnyeni wami sekuphele izinyanga eziwu 8 singayi enkonzweni yekamero.Uyazi ngiyalangazelela ukuba kuyona ,kodwa yena useyisibhocobhoco kuyona.Ngisola kuthinta udaba lobudlelwano abe nabo online ,kanjalo nange porn nokho usesohambweni lokulapheka kuyona.Ngizizwa ngingolahliwe .Ngingasiguqula kanjani lesisimo?

    Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

    Play Episode Listen Later Dec 19, 2022 4:48


    Ngakube ukufundisa ingane isigcozi kuyinto ehlale inzima neyinselelo? Sinesikhathi sizama ukuqeqesha undodana wethu kusukela aba neminyaka ewu 2.Kuze kube manje sisahluleka ukuwina lokho okwenyuse ingcindezi ekhaya ngamalengiso.Emva kwezinyanga ezimbalwa sisahluleka namanje .Ngakube lokhu kujwayelekile?

    Claim Ezomndeni

    In order to claim this podcast we'll send an email to with a verification link. Simply click the link and you will be able to edit tags, request a refresh, and other features to take control of your podcast page!

    Claim Cancel